Ukuhlulwa i-West Indies kwi-U19 series kumlimazile u-Mahatlane

Lawrence Mahatlane

Lawrence Mahatlane

Umqeqeshi wama-Coca-Cola South Africa Under-19, u-Lawrence Mahatlane uyavuma ukuthi ukuhlulwa emidlalweni emihlanu ye-Youth One-Day International bedlala ne-West Indies kunzima ukwamukela.

Iqembu lasekhaya lihlulwe kancane, ngama-runs amabili kumdlalo obucacisa nge-series e-Chatsworth Oval eThekwini ngoLwesithathu ngo-3/2.

Ukujaha u-245 ukuze banqobe, ikhulu lika-Matthew Breetzke libabeke endleleni yokunqoba kalula.

Lomdlali ovula umdlalo uhlanganise wona u-100 (114 balls, 7 fours, 3 sixes) iqembu lakhe liku-206/2 kwi-over yesi-44, ngaphambi kokuthi bagcine ku-242/7 bedlala neqembu eliphethe isicoco sendebe yomhlaba.

“Kunzima ukwamukela,” kusho u-Mahatlane ngemuva. “Ngicabanga ukuthi sizithole endaweni enhle lapho ebesingawunqoba khona umdlalo kodwa ngebhadi i-West Indies iphose kahle ngasekugcineni kwe-innings futhi siyabancoma ngalokho.”

“Kithina, senze amaphutha angasile, izinto zezingane zesikole, futhi ngebhadi igqamile kuyona yonke i-series.”

Kube ikhulu lesibili kuma-innings amathathu lika-Breetzke, ophinde washaya u-50 kwi-series, futhi abanye abadlale kahle kube u-Raynard van Tonder no-Jiveshan Pillay ngokushaya. Kwathi u-Kgaudise Molefe, u-Thando Ntini no-Jade de Klerk baphose kahle.

“Ziningi izinto ezinhle ezenziwe iqembu,” kusho u-Mahatlane. “Ngicabange ukuthi ukuphosa kanye nokushaya kwi-series kusinike ukuzithemba ngokudlulela phambili, hayi kwi-series ne-England kuphela kodwa nendebe yomhlaba.”

u-Mahatlane uthemba ukuthi iqembu lakhe lizothatha elikufundile kule-series likuse phambili futhi lilungisele umsebenzi olandelayo.

“Sinamacebo ezindawo ezidinga ukulungisa futhi nezindawo okumele sisebenze kuzona ezinyangeni ezine ezizayo futhi sithemba ukuthi singakuthola kahle futhi sikulungise,” esho enezezela. “Emuva kokuhlulwa, lilimele iqembu ngoba besinamathuba amaningi kwi-series.”