Abaphosela amaProteas balungisela ukulwa okunzima

Dean Elgar

Dean Elgar

Abaphosela amaStandard Bank Proteas balungele ukulwa kanzima ukukhipha ama-wicket angu-10 e-England ukuze banqobe umdlalo wesibili we-Test eeTrent Bridge. u-Alastair Cook (0) no-Keaton Jennings (0) basinde ama-overs amane ngaphambi kokuphela kosuku lwesithathu, futhi kuzomele basinde bebhekene nabahlasela ngebhola ‘abalambile’ futhi abagqugquzeke ukunqoba ngerekhodi lama-runs angu-474.

Ovulela amaProteas, uDean Elgar, uthi ibhola elisha lizobaluleka nge-session yokuqala ngoMsombuluko, kodwa ukholwa ukuthi wonke umuntu ophosayo kuzomele adlale indima ukulinganisa i-series.

“Kuzobanzima ukuthola ama-wicket angu-10,” ngeSonto emuva komdlalo wosuku. “Kusilungele thina, abasiphoselayo babheke lokho. Asifuni ukunqoba i-Test kalula, kumele kube umsebenzi onzima ukunqoba umdlalo we-Test. Silijabulele ikusasa.”

“Ngithanda ukuthi kuwona wonke umuntu (unendima okumele ayidlale) kodwa ibhola elisha likhulu kithina,” esho echaza. “Sibonile kuma-overs amafushane amane esibenawo kusihlwa ukuthi kuningi okusakhona kwi-wicket. Sinabaphosayo abangacikelela isimo kwi-wicket.”

“Kwi-innings yethu yokuqala iningi labadlali abaphosayo badlale indima. Kuyajabulisa ukubona, kuyakutshengisa ukuthi abafana balambile futhi bafuna ukudlala, ngebhola noma bge-bat, bafuna ukwenza umsebenzi.”

u-Hashim Amla (87) no-Elgar (80) baveze ukuqina ngenqondo obekudingeka kwisimo njengoba bahlanganise i-partnership ye-wicket yesibili enesibindi yama-runs angu-135, okubeke isikhonkwana sokuthi bathathe i-declaration ku-343/9. Uyavuma ukuthi isimo sesilula kancane uma ukhuluma ngokushaya, kodwa uthemba ukuthi i-variable bounce kanye nokucikelela phansi kwesimo kuzodlalela ezandleni zabo.

“Ngithemba ukuthi kungamanzima kakhulu kusasa,” u-Elgar ekhuluma ngesimo. “Bekunenselela, ikakhulukazi namhlanje ekuseni nesimo sezulu, ibhola linyakaza kancane futhi sibheke abaphosayo abasezingeni eliphezulu emhlabeni besebenzisa ukuphosa nge-swing. Sisebeze kakhulu, mina no-Hash (u-Amla), asikoranga ngokushesha osukwini kodwa unjalo umdlalo. Sekuhamba kancane futhi sithemba i-wicket ingacikeleleka phansi ihambelane nathi kusasa.”