West Indies ilinganise i-series ePietermaritzburg

Action between the South Africa under-19s and the west Indies.

Action between the South Africa under-19s and the west Indies.

i-Youth One-Day International Series yemidlalo emihlanu phakathi kwe-Coca-Cola South Africa U19s ne-West Indies U19 izocaca ngomdlalo wokugcina emuva kokuthi izivakashi zinqobe umdlalo wesine ngama-wickets amane ukwenza u-2-2 ePietermaritzburg ngeSonto.

Iqembu lasekhaya, ebelibheke ukuqeda i-series ngomdlalo wesine, bahlulwe ukushaya njengoba baphume bonke ngama-runs angu-207 emuva kokuhlulwa kwi-toss kanye nokucelwa ukuthi bashaye kuqala.

Ovula umdlalo u-Matthew Breetzke uqhubekile ne-form yakhe kulandela ikhulu lakhe kumdlalo odlulile no-55 (83 balls, 7 fours) ePietermaritzburg Oval, lapho ehluleke ukuthola abantu abazomeseka.

Ukapteni u-Raynard van Tonder, wenze ama-runs angu-38 futhi u-Herman Rolfes uhlanganise u-37, kodwa ngathi yilabo kuphela abashaye kangcono, kuhambelana no-20 ka-Fraser Jones (24) no-Jiveshan Pillay (23) abe-South Africa bephume kuma-overs angu-48.2.

u-Nyeem Young uphose kahle wathola u-3/42.

Iqembu lasekhaya lidinge ama-wicket ekuqaleni uma belifuna ukushintsha umdlalo futhi bathola amane, behlisa abaphethe isicoco se-U19 ku-59/4 kuma-overs angu-15.1. Ngemisebenzi ka-Kgaudise Molefe (3/51), u-Jones (1/24) no-Gerald Coetzee (1/27).

Kodwa u-Bhaskar Yadram (65 off 75 balls, 9 fours) no-Alick Athanaze (66 not out, 80 balls, 9 fours, 1 six) bahlanganise u-99 bobabili nge-wicket yesihlanu ukubuyisa izivakashi endleleni.

uMatthew Patrick (28) ulethe ama-runs okugcina ukunqobisa iqembu langaphandle kusele amabhola angu-33.

Umdlalo ozocacisa nge-series use-Chatsworth Oval ngoLwesithathu.

Coca-Cola South Africa U19 team:
Raynard van Tonder (Free State), Matthew Breetzke (Eastern Province), Curtis Campher (Gauteng), Jesse Christensen (Western Province), Gerald Coetzee (Free State), Jade de Klerk (Eastern Province), Fraser Jones (KZN Inland), Wandile Makwetu (Gauteng), Andile Mogakane (KZN Coastal), Kgaudise Molefe (Gauteng), Jason Niemand (Eastern Province), Thando Ntini (Western Province), Jiveshan Pillay (Northerns), Herman Rolfes (Northerns), Kenan Smith (Eastern Province).