u-Luus ubheka okuhle ngaphambi kwe-semi-final yamaProteas esifazane

Sune Luus during a Momentum Proteas training session.

Sune Luus during a Momentum Proteas training session.

lisalelwe ama-runs angu-59 ekugcineni, umdlalo uhambe indlela ende ekuvezeni izindawo iqembu elidinga ukusebenza kuzona ngaphambi kokuthi babhekane ne-England kuma-semi-final e-ICC Women’s World Cup eBristol ngoLwesibili.

“Ngicabanga ukuthi siqale kahle ngebhola,” kusho u-Luus. “u-Marizanne Kapp no-Shabnim Ismail baqale kahle kodwa ngicabanga ukuthi siphunyukile kuma-overs aphakathi nendawo. Indlela esibuye ngayo njengoba besekubukeka sengathi bazofika ku-300 noma u-320 bekukuhle.”

“Uma sibheka ukushaya, ngicabanga ukuthi nokho kuphume u-Lizelle Lee ekuqaleni, indlela u-Trisha Chetty no-Laura Wolvaardt abadlale ngayo kuma-overs aphakathi kwa-20 no-25, bekukuhle.”

Lomdlali oneminyaka engu-21 uthathe ama-wicket angu-5/67 bedlala nabavikela isicoco, kodwa ufuna ukwenza kangcono.

“Hlezi kukuhle ukuthola ama-wicket amahlanu, kodwa uma iqembu linganqobi, akujabulisi ngendlela okumele kube iyona. Ngifuna ukudlalela umphumela kodwa ngiphinde ngibeke iqembu endaweni lapha elinganqoba khona,” esho eqhubeka.

Okwesibili kuphela lapha i-South Africa iphumelela ukudlala kuma-semi-final endebe yomhlaba yabesifazane. Okokugcina befika lapha sekwadlula iminyaka engu-17, ngo-2000. u-Luus uthemba ukuthi lona kuzoba unyaka lapha iqembu elingaqopha umlando futhi lifike kwi-final, kodwa lokho kudinga umdlalo ophelele ezigabeni ezintathu zomdlalo.

“Kudingeka ukuthi kusetshenzwe ngokuphelele njengethimba,” esho ecacisa. “Abaphosayo kumele baphose kahle nakuma-overs aphakathi nendawo njengoba benza ekuqaleni nasekugcineni komdlalo, abashayayo akumele balahlekelwe ama-wicket ngasekuqaleni futhi nama-wicket phakathi nendawo. Sindinga ukubaqotho uma sivimba enkundleni.”

Ngokusho lokho, u-Luus uyaziqhenya ngeqembu kanye nabakusungathile kuze kube yimanje. Uyavuma ukuthi sebenze kahle okuningi kwalezinto emqhudelwaneni futhi ukukhula kweqembu eminyakeni embalwa edlulile kungaqopha lendlela.

“Iqembu eliphosayo lidlale kahle kulomqhudelwano,” esho eqhubeka. “Ngaphandle komdlalo sidlala ne-England, ngicabanga ukuthi sitshengise ukuthi sihamba phambili emhlabeni ngokuphosa. Ukushaya kona kulunge kakhulu, kweminye imiqhudelwano, sasingafiki ku-250, manje sesihlanganisa no-300 sidlala ne-England futhi lokho kuveza ukuthi abasefizane sebekhule kangakanani.”

Bebheke umdlalo wabo neqembu lasekhaya, lomdlali omncane ongesabi ugcizelele ukuthi asikho isikhala okumele sivalwe manje njengoba womabili amaqembu afike kuma-semi.

“Uma ufika kwi-semi-final akukho ukuthi ‘leli iqembu elingaphezulu’ noma ‘leli iqembu elingaphansi,’ ngicabanga ukuthi wonke umuntu uyalingana uma befika kulesigaba. Womabili amaqembu adlale kahle ukufika lapha, kunesizathu sokuthi yini amaqembu efike kwi-semi-final. Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo omukhulu wekhilikithi.”

i-semi-final ngoLwesibili izovezwa ku-SuperSport 6 kusukela ngo-11:15. Imiphumela izovezwa ezindaweni zokuxhumana ze-Cricket South Africa; uFacebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) and no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Semi-final fixtures:

England v South Africa, Bristol, 18 July
Australia v India, Derby, 20 July