Australia iqhubeka nokungahlulwa ibhekene ne-South Africa

TAUNTON, ENGLAND - JULY 15: Trisha Chetty of South Africa looks on as Nicole Bolton of Australia hits out during The ICC Women's World Cup 2017 match between South Africa and Australia at The County Ground on July 15, 2017 in Taunton, England. (Photo by Julian Herbert-IDI/IDI via Getty Images)

TAUNTON, ENGLAND - JULY 15: Trisha Chetty of South Africa looks on as Nicole Bolton of Australia hits out during The ICC Women's World Cup 2017 match between South Africa and Australia at The County Ground on July 15, 2017 in Taunton, England. (Photo by Julian Herbert-IDI/IDI via Getty Images)

Abavikela isicoco i-Australia, iqhubekile nokungahlulwa idlala nama-Momentum Proteas ngesikhathi bewahlula ngama-runs angu-59 kumdlalo wokugcina wesixuku we-ICC Women’s World Cup eTaunton ngoMgqibelo.

Lokhu kusho ukuthi i-South Africa izobhekana ne-England kwi-semi-final yokuqala eBristol ngoLwesibili, 18 July.

i-Australia igcine inama-runs angu-269, bekhishwe bonke okokuqala kumqhudelwano kuze kube yimanje emuva kokunqoba i-toss nokukhetha ukushaya kuqala.

uNicole Bolton (79) no-Beth Mooney bayiqale kahle i-innings, bahlanganisa ama-runs angu-114 ngaphambi kokuthi u-Ayabonga Khaka ahlasele nge-over yesi-22, washaya ama-wicket ka-Mooney enama-runs angu-53. Ukapteni, uDané van Niekerk ucacisile emuva kokuphuma kwe-wicket nge-over elandelile, wakhipha ongenela ukapteni, uRachael Haynes ngaphandle kokuthola ama-runs, waba i-wicket yesi-14 likakapteni we-South Africa emqhudelwaneni okwamanje.

AmaProteas awalindanga isikhathi eside ukuze kuphume olandelayo. uSuné Luus othole i-ODI five-wicket haul yakhe yesibili, uthole i-wicket yokuqala ngokumisa uBolton nge-over yesi-28, wamisa umdlalo wakhe omuhle. U-Ellyse Perry onesipiliyoni ubambe ingcindezi kodwa wahlanganisa ama-runs angu-55 emabholeni angu-58 ngaphambi kokuthi akhishwe uLuus. Lomdlali oneminyaka engu-21 uphinde wahlasela ngebhola elilandelayo, wakhipha u-Elyse Villani ngebhola lokuqala waphuma engakorile.

Ama-Southern Stars ebeku-154/4 nge-over yesi-29 ngesikhathi u-Alex Blackwell no-Alyssa Healy behlanganisa ama-runs angu-75 asheshayo nge-wicket yesihlanu. uVan Niekerk uphule i-partnership, wakhipha u-Blackwell ngesikhathi eshaya ibhola ku-Masabata Klaas ku-mid-on ngo-33 (40 balls, 4 fours). uHealy uhlale i-over eyodwa emuva kwalokho, kodwa wadlala kahle, washaya o-four abathathu belandelana ngaphambi kokudonsa ibhola ku-Moseline Daniels ku-long-off, waphuma no-16 emabholeni angu-10.

i-wicket yokugcina ka-Luus beku-Ashleigh Gardner (4), ophinde wanqakwa uDaniels. Uqede eno-5/67 kuma-overs akhe angu-10 ngaphambi kokuthi u-Kaap aqede ngama-wicket asele ka-Megan Schutt no-Kirsten Beams ngo-11 no-0. I-Australia iphume yonke kusele amabhola ayisishagalolunye.

i-South Africa ayiqalanga kahle njengoba u-Lizelle Lee ekhishwe u-Jess Jonassen ngo-9 emuva kokuthi ezame ukushaya ibhola kude, kodwa wanqakwa u-Haynes kwi-mid-on. uLaura Wolvaardt uphinde wadlala kahle, washaya ama-runs angu-71 emabholeni angu-94 (7 fours). Uhlanganise i-partnership yama-runs angu-67, nge-wicket yesibili eshaya no-Trisha Chetty okubuyise iqembu endleleni ngaphambi kokutatazela phakathi kwabo okugcine nge-run out ka-Chetty ngama-runs angu-37.

Abe-Australia u-Haynes, u-Jonassen no-Perry bathole ama-wicket amabili umuntu emunye ukugcina i-South Africa ku-210.

u-Mignon du Preez (20) no-Marizanne Kapp (19) baqale kahle kodwa abakwazanga ukuqhubeka. U-Luus no-Van Niekerk balandelile ngama-runs angu-6 no-0. U-Ayabonga Khaka no-Masabata Klaas bakhishwe ngo-0 no-9 njengoba u-Shabnim Ismail egcinile ngokuthola ama-runs angu-26 emabholeni angu-41. Uyena ogcinile ukuphuma ngebhola lokugcina emdlalweni.