AmaProteas alawula umdlalo weTest yesibili

Morne Morkel of South Africa celebrates after dismissing Joe Root of England  during the second day of the 2nd Investec Test match between England and South Africa at Trent Bridge cricket ground on July 15, 2017 in Nottingham, England. (Photo by Philip Brown/Getty Images)

Morne Morkel of South Africa celebrates after dismissing Joe Root of England during the second day of the 2nd Investec Test match between England and South Africa at Trent Bridge cricket ground on July 15, 2017 in Nottingham, England. (Photo by Philip Brown/Getty Images)

AmaStandard Bank Proteas adlale kahle namhlanje ukudlula zonke izinsuku ze-tour yabo yase-England njengoba bedlale baze bazibeka lapho abanganqoba khona ngosuku lwesibili lwe-Test yesibili eTrent Bridge eNottingham ngoMgqibelo.

Njengoba ingekho ingqwele yabo, uKagiso Rabada, abaphosayo badlale njengeqembu ukukhipha i-England ngama-runs angu-205 kusele ibhola elilodwa ukuthi bafike kuma-overs angu-52 ukubeka iqembu ngaphambili ngama-runs angu-130.

Lokhu kugcine kungama-runs angu-205 ngokuphela kosuku, uDean Elgar (38 off 63 balls, 6 fours) no-Hashim Amla (23 off 45 balls, 5 fours) bobabili behamba kahle nge-partnership ye-wicket yesibili engaphuliwe yama-runs angu-47.

u-Jimmy Anderson ebeyiqalise kahle i-England ngesikhathi ethola ama-wicket okugcina amane e-innings ye-South Africa njengoba behlanganise ama-runs angu-26 kuphela kumphumela wabo, okumnike i-five-wicket haul yakhe yesikhombisa kuleyankundla.

Kodwa amaProteas ebeselungele ukuphosa, bakhipha bobabili abavulela i-England umdlalo benama-runs amathathu kuphela.

u-Joe Root, oshaye no-Gary Ballance kuqala wahlanganise i-partnership yama-runs angu-83 nge-wicket yesithathu bese kwaba u-Jonny Bairstow nge-wicket yesine yama-runs angu-57, wahlasela lapho elingana no-Quinton de Kock ngosuku oludlulile wacisha wathole i-run ngebhola.

Kodwa, ngesikhathi uRoot ewela ezandleni zika-Morne Morkel othole i-wicket yakhe yesibili okusizwe ukunqaka okuncomekayo okuvela ku-De Kock, i-innings ye-England ivele yahliphika ama-wicket okugcina ayisikhombisa ephuma ngama-runs angu-62.

uMorkel no-Vernon Philander baqale kahle ngokuthola ama-wicket amabili umuntu emunye futhi u-Keshav Maharaj wayihlaba esikhonkweni ngokukhipha u-Ben Stokes no-Bairstow – u-Bairstow ekhishwa ngebhola elihle kuyona yonke imidlalo edlule oshayayo yayozithola ngaphezu kwe-off-stump.

Kube ibhola ebelizonika amaProteas imizwa eminingi uma i-England isishaya nge-innings yesine.

uMaharaj uqede enama-wicket amathathu kanye no-Chris Morris ocacisile ngokuba umdlali okwenzakonke ngokukhipha umsila.