uPhilander no-Morris bajikisela ama-Proteas ngaphezulu

Chris Morris during day one of the 2nd Investec Test match between England and South Africa at Trent Bridge on July 14, 2017 in Nottingham, England.

Chris Morris during day one of the 2nd Investec Test match between England and South Africa at Trent Bridge on July 14, 2017 in Nottingham, England.

uVernon Philander no-Chris Morris basivezile isinqumo sama-Standard Bank Proteas sokulinganisa iqembu ngama-bowling all-rounder amabili kunokuletha oshayayo ngosuku lokuqala lwe-Test yesibili bedlala ne-England eTrent Bridge eNottingham ngoLwesihlanu.

Emuva kokuthi uFaf du Plessis anqobe i-toss futhi waba nesibindi sokuthatha isinqumo sokushaya kuqala kuguqubele njengoba amaProteas ahlelelwe umphumela omkhulu nge-partnership ye-wicket yesithathu yama-runs angu-113 phakathi kwa-Hashim Amla nomdlali omusha ku-no. 4 uQuinton de Kock.

Kodwa, bacindezekile kwi-session yokugcina ngesikhathi belahlekelwa ama-wicket amane ngama-runs angu-56, okubalwa u-Amla no-De Kock, ngaphambi kokuthi uPhilander no-Morris bahlanganise i-partnership engaphuliwe yama-runs angu-74 ukufikisa amaProteas ku-309/6. uPhilander uqede u-50 wakhe wesibili kwi-series futhi une-series average engu-124.

Njengoba i-pitch iveza izimpawu zokuhamba kancane kanye namabhola ambalwa angasile - ngaphandle komugqa we-off stump okwamanje – kwehlisa umphumela ofike ku-400 kungahamba kahle.

uStuart Broad (3/47) uphose kahle kakhulu kwi-England.

Into eyodwa ezokhathaza amaProteas ukuthi uDean Elgar uyena yedwa oshayayo kulaba abayisishagalombili ophume ngenombolo eyodwa kodwa basabheke ikhulu lokuqala kwi-series.

uDu Plessis ube nesibindi ngokukhetha ukushaya kuqala kube kuguqubele, kwi-pitch enotshani futhi abashaya phezulu baveze isimilo akade esicelile ngokufika kwisidlo sasemini ku-56 kuphume u-Elgar kuma-overs angu-23 kwi-session encishisiwe ngemizuzu engu-20 imvula.

Ushayiwe uKuhn, eshaywa ngabili emunweni kanye nasemuva kwesiqgoko sakhe kodwa uveze ukuqina ngengqondo njengoba eshaye o-four abayisikhombisa ukuze afike kuma-runs angu-34 (76 balls).

u-Amla, osindile kwi-review ye-England ngebhola lesibili emuva kwekhefu lemvula, ubukeke ekhululekile njengoba u-four wakhe wesibili kwabathathu kumenze waba umdlali wesine wamaProteas emuva kuka-Jacques Kallis, uGraeme Smith no-AB de Villiers ukufinyelela kuma-runs angu-8 000.

Labadlali bahlanganise ama-runs angu-38 kwi-wicket ngaphambi kwekhefu.

i-pitch ivele yahamba kancane njengoba i-England ihlasele ngama-seamer amane, uWood ehamba phambili.

uKuhn uphume ngebhola lesithathu kwi-over yesihlanu emuva kwesidlo sasemini kodwa u-Amla no-De Kock, ojabulele ukushaya kunombolo-4, bahlasele i-England lapho amaProteas akwazile ukushaya ama-runs angu-123 kwi-session kungaphumanga muntu. uDe Kock ebehamba phambili, wathola u-50 wakhe emabholeni angu-59, kwathi u-Amla ebejabulile ngokubeka isikhonkwana ukuze kube nomphumela ohamba phambili.

Bashaye waze waphuma uDawson ekuhlaseleni, u-Amla wafika ku-50 wakhe ngokushaya u-six kuphosa i-left-arm spinner futhi uDe Kock wathatha o-four ababili kwi-over yakhe elandelile. Okumangazile, uRoot ulethe uMoeen, owamunqobela umdlalo eLord’s nge-spell sama-over amane ngohafu wehora ngaphambi kwetiye.

uStokes uphose kahle nge-spell sakhe sama-overs ayisithupha ngaphambi kwekhefu futhi uyena yedwa olethe incindezi kulaba abashayayo. Ebethi uthole u-Amla kodwa wadedelwa uCook kwi-slip sokuqala, futhi kwenza uDe Kock ashaye abaphola ambalwa angatheni – i-inside leg eye kwi-fine leg kanye nebhola eliye emoyeni elithole isikhala ngale kovimba kwi-gulley.

u-Amla ufike kwitiye eku-65 (126 balls, 8 fours, 1 six) no-De Kock ku-68 (80 balls, 8 fours).

i-England iqale kahle nge-session yokugcina ngesikhathi uBroad ekhipha uDe Kock ngebhola lokuqala bese wakhipha u-Amla kuma-overs amathathu emuva kwalokho. uStokes ufake isandla ngokukhipha uDu Plessis no-Bavuma ngaphambi kokuthi uPhilander no-Morris bamise ukuphuma nge-partnership yesibili edlulile ku-50, kwi-innings.