AmaProteas abesifazana alungele umdlalo ne-Australia

South Africa are looking forward to a competitive match against Australia in Taunton tomorrow.

South Africa are looking forward to a competitive match against Australia in Taunton tomorrow.

Ukapteni wamaMomentum Proteas, uDané van Niekerk ulindele umdlalo wokugcina weqembu lakhe kwimidlalo yesixuku we-ICC Women’s World Cup bedlala ne-Australia eTaunton kusasa. Lomdlali okwenza konke ukholwa ukuthi ithuba elihle leli le-South Africa ukuzinika umdlandla ngaphambi kwama-semi-final omqhudelwano, kodwa kuzomele badlale ikhilikithi encomekayo uma befuna ukunqoba lokho.

“Sonke siyazi ukuthi ibona abavikela isicoco futhi bayiqembu elihamba phambili emhlabeni ngakho kukhona ukwethuka okuncane, kodwa sobabili sikuma-semi futhi thina (South Africa) sifuna ukuzinika umdlandla siyakhona,” ekhuluma nezintatheli ntambama.

Begcina ukubhekana kwaku umdlalo wokuzilolonga womqhudelwano, emasontweni amathathu adlulile kodwa iqembu lika-Meg Lanning elanqoba. uVan Niekerk kodwa, ukholelwa ukuthi isikhala phakathi kwamaqembu siyancipha, nokuthi iqembu lakhe lingakwazi ukuhlula i-Australia kanye nokuqhubeka ne-form enhle abakuyona kulomqhudelwano kuze kube imanje.

“Umdlalo wethu wokuqala wokuzilolonga nabo awuhambanga ngendlela yethu, kwaba nephutha, ukuhlulwa ngendlela esahlulwa ngayo ngoba siyazi ukuthi singcono kunalokho,” esho eqhubeka. “Kwi-series yokugcina sidlala nabo, imidlalo emibili noma emithathu yayisondelene ngomqhudelwano kanti salingana kowodwa, ukuveza ukuthi siyasivala isikhala. Kumqhudelwano ofana nalona, kungenzeka noma yini.”

“Asifuni ukuphapha kodwa ngicabanga ukuthi sivela ngesikhathi esihle. Yonke into esiyisebenzele kuleminyaka edlulile isiyaziveza manje.”

Ukapteni ufuna abaphosayo badlale ngamandla kuma-overs aphakathi nendawo emuva kokuthi bahlasele ekuqaleni. Ukholwa ukuthi lokhu kuzoshintsha izinto uma sebebhekana neqembu elinamandla lase-Australia.

“Baningi abashayayo khona futhi bashaya kahle. Sibonile ukuthi siyashesha ukudlula kulaba abashaya phezulu kodwa sijike silale kuma-overs aphakathi nendawo futhi leyo indawo esisebenze kuyona kanye nokuyilungisa kumqhudelwano, ngakho ngibhekile kusasa kanye nokubona ukuthi amantombazane aqhuba kanjani nalokho.”

Njengoba sebengenile kuma-semi-final kube kusele umdlalo owodwa, uVan Niekerk uyagcizelela ukuthi kuningi okudlalelwayo kumdlalo wakusasa, lapho abame khona emaqenjini amane okuzohambelana nomphumela wabo kanye neminye imidlalo ezobe idlalwa.

“Kusakuningi okudlalelwayo, njengokuthi ugcina kuphi kumaqembu amane nokuthi ubhekana nobani kuma-semi. Kusasa kubaluleke njengayoyonke imidlalo futhi sizowuphatha kanjalo,” esho evala.

Umdlalo uzovezwa ku-SuperSport 8 kusukela ngo-11:15 (SAST). Imiphumela ikhona kwa-Cricket South Africa ezindaweni zokuxhumana, uFacebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Momentum Proteas ICC Women’s World Cup squad:
Dané van Niekerk (capt, Eastern Province), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal), Trisha Chetty (wk, Gauteng), Moseline Daniels (Boland), Nadine de Klerk (Northerns), Mignon du Preez (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Border), Marizanne Kapp (Eastern Province), Masabata Klaas (Free State), Lizelle Lee (North West), Suné Luus (Northerns), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Laura Wolvaardt (Western Province), Odine Kirsten (Northerns)*.

*Odine Kirsten has replaced injured Andrie Steyn.

Management

Hilton Moreeng (Head Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Russell Clarke (Fitness Trainer), Abram Ramoadi (Video Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).

ICC WWC 2017 Notes

The International Cricket Council (ICC) Women’s World Cup (WWC) is taking place in England from 24 June to 23 July 2017. Financial services and Financial Wellness company Momentum are the single title sponsors of the South African women’s team, known as the Momentum Proteas. This will be the 11th ICC WWC. Eight teams qualified to participate in the 2017 tournament – listed in order of ranking:

1. Australia
2. England
3. New Zealand
4. India 5. West Indies
6. South Africa
7. Pakistan
8. Sri Lanka

Proteas Match schedule

• SA v Australia Saturday 15 July 2017 The Cooper Associates Country Ground Taunton

• Semi-finals Tuesday 18 July Country Ground Bristol
Thursday 20 July Country Ground Derby

• Final Sunday 23 July Lord’s London


Handles and Hashtags #WWC17 #proteaswomen
• ICC @ICC
• CSA: @OfficialCSA
• Momentum: @Momentum_za