Imiklomelo emuva kosuku lokuqala – uDe Kock

Standard Bank Proteas batsman Quinton de Kock

Standard Bank Proteas batsman Quinton de Kock

i-wicketkeeper batsman yama-Standard Bank Proteas, uQuinton de Kock, uthi imiklomelo emuva kosuku lokuqala lwe-Test yesibili bedlala ne-England eTrent Bridge ngoLwesihlanu. AmaProteas abuyile emuva kokuthi abashaya phakathi nendawo baphume ngokushesha ukuqeda usuku eku-309/6, emuva kwe-partnership yama-runs angu-74 nge-wicket yesikhombisa phakathi kwabadlali abakwenza konke uVernon Philander (54 not out) no-Chris Morris (23 not out) ukukhuphula i-innings yokuqala.

Amathemba okuqhubeka kahle asezandleni zabo bobabili – kusele uKeshav Maharaj ongashaya – kanti wonke ama-run abalulekile ekukhetheni ukushaya kuqala.

“Bekuphansi phezulu namhlanje,” ekhuluma ngosuku. “Kwi-session eyodwa bekuyi-session yethu futhi kwaba eye-England, bekushintshana. Sidlule ezigabeni lapha esidlale khona ikhilikithi enhle, besifisa ukwenza kangcono, kodwa ngebhadi awuhambi kanjalo umdlalo, ukuthi uthole konke okufunayo.”

“Kusasa usuku lwethu lokunyakaza,” esho eqhubeka. “uVernon no-Morris basimise kahle okusho ukuthi kuzomele siqhubekele phambili nalokho.”

Njengabavulayo kumdlalo wama-ODI, uHashim Amla (78) no-De Kock (68) bahlanganile ukujabulisa nge-partnership yama-runs angu-113 nge-wicket yesithathu, etholwe nge-run-rate engu-4.61. Ama-innings abo ebehlukile; u-Amla ebecindezela futhi ekala kahle, kodwa u-De Kock ebecacisa futhi ehlasela, kodwa bobabili baqhakazile bebhekene nokuphosa kwe-swing okusezingeni eliphezulu okuphume ku-James Anderson no-Stuart Broad. Umdlali oneminyaka engu-24 uthi ukubekwa ku-no. 4 kubahambele kahle futhi indima athandile ukuyithatha.

“Ngiyathanda ukushaya phezulu,” kusho uDe Kock. “Ukuma kweqembu akukaze kungivumele kodwa ukukhethwa okumbalwa kule-Test, kungena abanye abadlali, ngicabange ukuthi kunesikhala lapha abazodinga ukuthi ngishaye khona. Ngiphakamise isandla ngathatha ithuba.”

“Angizishintshanga izinhlelo zami zomdlalo,” ekhuluma ngomdlalo wakhe. “Bengazi ukuthi bekuzomele ngimpintshe uma ngibhekana nebhola elisha. Ngokwengqondo ngingene ngizoshaya ngendlela efanayo, bengizithemba futhi ngakushiya kulula.”

Umdlalo kumele uqale ngo-11h00 e-England.