Uthi uDu Plessis amaProteas ‘azovivinywa isimilo’

Standard Bank Proteas Test captain, Faf du Pessis,

Standard Bank Proteas Test captain, Faf du Pessis,

Kuzomele amaStandard Bank Proteas athathe kwisipiliyoni sabo sokuzithola kwizimo ezinzima ukuthi babuye ngomdlalo wesibili we-Test bedlala ne-England eTrent Bridge eNottingham ngoLwesihlanu. Ukapteni, uFaf du Plessis, uthi umdlalo ‘uzobavivinya isimilo’ njengoba kunezinselelo phakathi nangaphandle kwenkundla iqembu elibhekene nazo kulelisonto.

Ukubuya kuka-Du Plessis emuva kokuphuthelwa umdlalo wokuqala we-Test kuletha isipiliyona esingakaleki kanye nesimilo kwabashayayo okuhambelana nokubakhona kwakhe kanye nobunzima bakhe njengomholi. Ikhono lakhe njengokapteni ukuhola iqembu ngaphambili, isimilo esavela ezikhathini ezinzima abhekana nazo njengokapteni.

“Imizwa yami ithi umdlalo ojwayelekile nje kimina,” kusho uDu Plessis ngosuku lwakhe lokuzalwa eTrent Bridge ngoLwesine. “Ngizwe sengathi lelisonto belidingeka ukuthi ngihole iqembu ngendlela ekade ngenza ngayo (ndulo). Lokhu ekade ngikusho akuhlukile kunakuqala, lokhu akade sikwenza akuhlukile. Kimina, ukwenza abadlali bezwe ukuthi abathembe lokhu ekade sikwenza, sakesaphumelela kwikhilikithi yama-Test.”

“Siyazi ukuthi siwenzekuphi amaphutha emdlalweni wokuqala, manje okubalulekile ukuthi sibuya kanjani kulokho. Kuzosibheka isimilo, ukuthi sibhekana kanjani nezinselelo. Kuningi engingakubala; i-series ne-Australia okwasivivinya njengeqembu futhi sakumela lokho. Ukwazi ukuthi singakwenza kanye nokukwenza emdlalweni olandelayo.”

Ukubuya kwakapteni kusho ukuthi amaProteas azoshintsha abadlali abathathu; njengoba uDuanne Olivier ezongenela uKagiso Rabada omisiwe, no-JP Duminy ozophumela umdlali ozoshaya noma ozophosa. U-Olivier wadlala kahle kumdlalo wakhe wokuqala bedlala ne-Sri Lanka ngonyaka odlulile, wathola u-5/57 kwi-innings kanye nokunqoba ngama-runs angu-118 eBidvest Wanderers Stadium.

“Bekunzima ngoba ngiyazi ukuthi ulethani eqenjini ngaphandle kwama-runs akhe,” uDu Plessis ekhuluma ngokukhishwa kwa-Duminy. “Uzoba owokuqala ukuvuma ukuthi ama-runs yiwona akwenza ukuthi udlale eqenjini, imisebenzi yakho. Imidlalo yakhe ibingafani okusho ukuthi sinika omunye umuntu ithuba.”

Umdlalo kuzomele uqale ngo-11h00 e-England.