uVan Niekerk no-Ismail bayaqhakaza njengoba amaProteas esifazane afinyelela kuma-semi-final endebe yomhlaba

TAUNTON, ENGLAND - JULY 12: South African players celebrate the wicket of Chamari Polgampala of Sri Lanka during The ICC Women's World Cup 2017 match between Sri Lanka and South Africa at The County Ground on July 12, 2017 in Taunton, England. (Photo by Julian Herbert-IDI/IDI via Getty Images)

TAUNTON, ENGLAND - JULY 12: South African players celebrate the wicket of Chamari Polgampala of Sri Lanka during The ICC Women's World Cup 2017 match between Sri Lanka and South Africa at The County Ground on July 12, 2017 in Taunton, England. (Photo by Julian Herbert-IDI/IDI via Getty Images)

Ukapteni, uDané van Niekerk no-Shabnim Ismail bathathe ama-wicket ayisikhombisa phakathi kwabo, ukuhlela ukunqoba ngama-wicket ayisishagalombili kuma-Momentum Proteas kumdlalo obekumele bawunqobe, umdlalo we-ICC Women’s World Cup bedlala ne-Sri Lanka eCounty Ground eTaunton ngoLwesithathu. Ukunqoba kusho ukuthi i-South Africa izodlala kuma-semi-final omqhudelwano okwesibili. Iqembu ligcina ukufinyelela lapha kwaku-2000 kumqhudelwano.

uVan Niekerk ujabulile ngokuthola lokhu, wathi:

“Yilokhu ebesikusebenzela eminyakeni eminingi futhi ngiyaziqhenya ngeqembu ngomsebenzi abawufakile. Sesikunqobile lokhu futhi singagubha ukuthi sikunqobile lokhu ebesikufuna singena kumqhudelwano futhi kusele umdlalo owodwa.”

“Kusakhona umdlalo ne-Australia okudingeka ukuthi unqotshwe kulesigaba, kodwa sinomqhudelwano omude okusamele sidlule kuwona kanti sizobe sigxile kulokho.”

i-Sri Lanka, engakanqobi lutho kumqhudelwano, iphume yonke ngama-runs angu-101 kubongwa ukapteni we-South Africa ne-Player of the Match ephindayo, othole izibalo ezimangazayo u-4/24 kuma-overs ayisishagalombili, kwathi u-Ismail naye wadlala kahle wathola u-3/14 kuma-overs angu-7.3. i-Sri Lanka ayikwazanga ukuqhudelana nama-Proteas anolaka, uDilani Manodara no-Chamari Polgampola bathole ama-runs angu-25 umuntu emunye emabholeni angu-49 namabhola angu-61 ngaphambi kokuthi baphume.

uSuné Luus, uMarizanne Kapp no-Masabata Klaas, abadlale umdlalo wabo wokuqala wendebe yomhlaba, bathole ama-wicket, u-1/12, u1/13 no-1/17 ngokulandelana kwabo.

AmaProteas aqale umjaho ngokuphuma komdlali onama-runs amaningi eqenjini kumqhudelwano, uLizelle Lee ngebhola lesine le-innings, waphuma ngokunqakwa ngemuva kuphosa u-Sripali Weerakkody (1/22) engakorile. Enye i-wicket kube eka-Trisha Chetty, ophume ngokushaywa kwama-wicket kuphosa ukapteni we-Sri Lanka, u-Inoka Ranaweera (1/20) waphuma eno-13.

Umdlali oneminyaka engu-18, uLaura Wolvaardt (48* off 66) uhole umjaho ngokubekezela kanye nokukhula futhi, eshaya no-Mignon du Preez (38* off 53), basiza iqembu lifinyelele kumphumela kusele amabhola angu-161.

i-South Africa izobe ibheke i-Australia, abazobhekana nabo enkundleni efanayo ngoMgqibelo. Umdlalo uzovezwa ku-SuperSport 8 kusukela ngo-11:15 (SAST). Imiphumela izovezwa ezindaweni zokuxhumana ze-Cricket South Africa; uFacebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Momentum Proteas ICC Women’s World Cup squad:
Dané van Niekerk (capt, Eastern Province), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal), Trisha Chetty (wk, Gauteng), Moseline Daniels (Boland), Nadine de Klerk (Northerns), Mignon du Preez (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Border), Marizanne Kapp (Eastern Province), Masabata Klaas (Free State), Lizelle Lee (North West), Suné Luus (Northerns), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Laura Wolvaardt (Western Province), Odine Kirsten (Northerns)*.

*Odine Kirsten has replaced injured Andrie Steyn.

Management
Hilton Moreeng (Head Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Russell Clarke (Fitness Trainer), Abram Ramoadi (Video Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).


ICC WWC 2017 Notes

The International Cricket Council (ICC) Women’s World Cup (WWC) is taking place in England from 24 June to 23 July 2017. Financial services and Financial Wellness company Momentum are the single title sponsors of the South African women’s team, known as the Momentum Proteas. This will be the 11th ICC WWC. Eight teams qualified to participate in the 2017 tournament – listed in order of ranking:

1. Australia
2. England
3. New Zealand
4. India 5. West Indies
6. South Africa
7. Pakistan
8. Sri Lanka

Proteas Match schedule

• SA v Australia Saturday 15 July 2017 The Cooper Associates Country Ground Taunton

• Semi-finals Tuesday 18 July Country Ground Bristol
Thursday 20 July Country Ground Derby
• Final Sunday 23 July Lord’s London


Handles and Hashtags #WWC17 #proteaswomen
• ICC @ICC
• CSA: @OfficialCSA
• Momentum: @Momentum_za