AmaProteas esifazane abheke ukusondela kuma-semi endebe yomhlaba

The Proteas women during a team training session.

The Proteas women during a team training session.

Umdlalo okumele bawunqobe, amaMomentum Proteas azodlalane-Sri Lanka kusasa njengoba beqhubeka nokubheka indawo kuma-semi-final e-ICC Women’s World Cup eTauton.

Ekhuluma emuva kokuthi iqembu liqeqeshwe eThe County Ground ngoLwesibili, umqeqeshi oyisekela, uSalieg Nackerdien uyathemba ngamathuba abo, ethi benzekahle ekugxileni kumdlalo wabo kanye nalokhu abafuna ukukunqoba, kunokubheka okwenziwa amanye amaqembu.

“Ngicabanga ukuthi indlela iqembu elabhekana nezinhlelo zemidlalo kwenza umehluko kumqhudelwano,” kusho uNackerdien. “Indlela abalungisela ngayo kanye nezinhlelo ngesikhathi sokuqeqeshwa kubasizile ekwazeni lokho okumele bakuzuze kanye nokuthi kuzomele benze kanjani ngosuku lomdlalo. Sikubonile lokho ikakhulukazi kulaba abashayayo.”

Ukuziqeqesha kweqembu kushintshiwe kwamele baqeqeshelwe ngaphakathi njengoba kunethe kusukela ekuseni, okuvimbe i-South Africa ekubhekeni isimo senkundla okokugcina, kodwa uNackerdien akagxilile kwisimo futhi ukholwa ukuthi iqembu lilunge kahle.

“Iqembu elihle esinalo,” esho eqhubeka. “Izulu akuyona into esingayilawula futhi abadlali bayazi ukuthi iziphi izindawo akade befuna ukusebenza kuzona ngaphakathi. Umqhudelwano omude, iqembu liyazithemba futhi ukusebenza kanzima kusho okukhulu ngabo njengeqembu, uma kunetha noma kubalele.”

Ebheke umdlalo bedlala ne-Sri Lanka uthe:

“Angeke siyibukele phansi i-Sri Lanka. Sizodlala umdlalo wethu nje futhi sigxile kwizinhlelo zethu zomdlalo. Isimo esiphansi futhi esiphumule (kwigumbi lokushintshela), kodwa abazithembi kakhulu, siyazi ukuthi sihlele kanjani kanye nalokhu esikukhulumile emihlanganweni. Okusele ukuthi abadlali baqhubeke nezinhlelo ngendlela abayaziyo.”

Umdlalo wakusasa uzovezwa kuSuperSport 2 kusukela ngo-11:00 (SAST). Imiphumela ikhona kwa-Cricket South Africa ezindaweni zokuxhumana, uFacebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).