uMoeen Ali uthatha abayisithupha ukunqobisa i-England

Moeen Ali

Moeen Ali

i-England ihlule amaStandard Bank Proteas ngama-runs angu-211 ezinsukwini ezine kumdlalo wokuqala we-Test ophele eLord’s eLondon ngeSonto.

Behlelelwe ukunqoba ngama-runs angu-331, amaProteas avithikile ngama-runs angu-119 uMoeen Ali ethola ama-wicket angu-6 ukumnika angu-10 emdlalweni.

Emaqinisweni, kuwona womabili amaqembu, ahlulekile ukujwayela isimo ngosuku lokugcina lapho i-England ihlulwe ngo-9/114 ngosuku kwathi i-South Africa 10/119. Futhi i-England ibizothola okuncane kunalokhu ukube uJonny Bairstow unqakiwe kwi-deep emuva kokushaya ibhola ku-Vernon Philander. uBairstow ebeno-7 ngaleso sikhathi futhi waqhubeka wenza u-51.

Bekucaca ukuthi uPhilander uzama ukuvikela isandla sakhe esilimele futhi ithuba lishabalele.

Umdlalo wanqotshwa ngosuku lokuqala ngesikhathi i-England ibeka isikhonkwana sokuhola nge-innings yokuqala kubongwa ikhulu elincomekayo eliphume kukapteni ngosuku lwakhe lokuqala engukapteni, uJoe Root, kanye nokuvimba kabi nokuphosa kwiqembu lase-South Africa.

Beku okokuqala iqembu lase-South Africa lihlulwa eLord’s kwimidlalo yezinsuku ezinhlanu eLord’s kusukela ngo-1960.

AmaProteas akhiqize i-session enhle kuwona wonke umdlalo, bathatha u-7/63 nge-session yokuqala ngosuku lwesine. Njengoba uPhilander ebebuyile ekuphoseni, amaProteas akwazile ukumpintsha izinto ndawo zombili futhi lokhu kusize bakhe incindezi elethe ama-wicket.

Kodwa i-England kade imikahle, ingaphambili ngama-runs angu-279 besalelwe ama-wicket amabili, elilodwa elika-Bairstow.

uMorkel uhlasele kuqala ngesikhathi ekhipha akade besashaya (uCook 69 off 192 balls, 10 fours noBallance 34 off 78 balls, 4 fours) kuma-overs alandelanayo futhi usekelwe uMaharaj no-Rabada ngama-wicket amahlanu alandelile phakathi kwabo.

uBairstow udedelwe uPhilander kuphosa uMaharaj ngesikhathi eku-7 waqhubeka wahlanganisa u-50 (51 off 76 balls, 6 fours) ngaphambi kokuthi kuphume umuntu wokugcina, ukubekela amaProteas u-331 ukunqoba. uMaharaj uqede eno-4/85 kwathi uMorkel no-Rabada bathatha ama-wicket amathathu umuntu emunye.

Ubunzima bomsebenzi obuhlalele amaProteas kucace ngama-overs angu-13 ngaphambi kwetiye, lapho bethole khona ama-runs angu-25 balahlekelwa ama-wicket amathathu. Ama-runs angu-10 lapho ashaywe u-Amla kwi-over eyodwa ka-Anderson.

uKuhn unqakwe kwi-leg-side kuphosa u-Anderson, u-Elgar uphindisele ibhola ku-Moeen ezama ukuhlasela ophosa nge-spin futhi ngesikhathi sekhefu, uDuminy ushaye kabi i-pull shot kuphosa u-Wood kanti uzonqakwa uMoeen kwi-square leg.

I-innings iphenduke udwendwe emuva kwekhefu njengoba i-England ikhethe ukuphosa i-spin ndawozombili. Kodwa ube nenkani uDe Kock, onyuselwe ku-No. 5 kanye no-Bavuma bahlanganise i-partnership enhle ye-innings engu-36.

uMoeen uqede enama-wicket ayisithupha okumnika ayishumi emdlalweni.