AmaProteas abesifazane balungele umdlalo wabo ne-India engakahlulwa

Chloe Tryon of South Africa

Chloe Tryon of South Africa

uChloe Tryon uthi amaMomentum Proteas alungele umdlalo okumele bawunqobe bedlala neqembu elingahluliwe, i-India uma behlangana eGrace Road kumdlalo wesi-18 we-ICC Women’s World Cup eLeicester ngoMgqibelo.

iSouth Africa, abakunombolo-5 kumqhudelwano, banqoba kabili (bedlala ne-Pakistan ne-West Indies), umdlalo owaqedwa imvula bedlala ne-New Zealand kanye nokwayizolo, lapha abahlulwa khona i-England. uTryon waphoxeka ngokuhlulwa abaphathe umqhudelwano, kodwa uthi iqembu selidlulile lapho futhi bazothatha okuhle ngaphambili kumdlalo wabo olandelayo bedlala ne-India.

“Kwasiphoxa ukuhlulwa, kodwa seza kahle ngokushaya,” kusho uTryon. “Ngezwa sengathi abadlali batshengisa isimilo, kodwa ngisezwa sengathi kuhafu wokuqala, sasingabavimba ngama-runs angu-50 noma angu-60 kulokhu abakuhlanganisa. Siyazi ukuthi abaphosayo bazobuya, hlezi sibuya.”

Lomdlali okwenza konke ophuma KwaZulu-Natal wathanda indlela abashayayo abenzangayo bedlala ne-England futhi uthemba ukuthi bangakuphinda lokho kusasa. Naye wadlala kahle ngokuthola u-50 emabholeni angu-25, okusheshile kumqhudelwano okwamanje.

“Angisitholanga isikhathi sokubheka kahle isimo ngoba bekumele ngingene futhi ngishaye o-12 (ama-runs angu-12 nge-over),” esho eqhubeka uTryon. “Ngajabula ngendlela engenza ngayo, ngangikholwa, kwakukubi ukuthi ngaphuma, ngizwa sengathi ngangizokwazi ukusisondeza uma ngahlala, kodwa yikho (umphumela wakhe) okuhle engizokuthatha kumdlalo ne-India. Abavula umdlalo (uLizelle Lee no-Laura Wolvaardt) abaguquki futhi njalo basihlelela kahle, kumele sihlezi siqhubeka kwisikhonkwana esibekwa ibona.”

Amaqembu azana kahle, njengoba kade bedlala i-quadrangular series eSouth Africa ngaphambi komqhudelwano futhi badlala ndawonye kwimidlalo yokungena kwi-ICC Women’s World Cup ekuqaleni konyaka. Njengoba i-India yanqoba ndawo zombili, uTryon ukholelwa ukuthi womabili amaqembu ayazana futhi iqembu elizonqoba kuzoba iqembu elidlala kahle zontathu izigaba ngosuku.


“Sidlale ikhilikithi eningi ne-India, bayiqembu elihamba phambili futhi badlala ikhilikithi enhle okwamanje, okusho ukuthi kumele sibe nesiqiniseko sokuthi senza yonke into kahle ngosuku. Uma singadlala ngendlela esadlala ngayo ne-West Indies, sizokwenza kahle. Isimo sihle eqenjini lethu futhi amantombazane akujabulele ukungena enkundleni adlale.”

Kusasa eGrace Road kuzoba umdlalo wamaProteas wesithathu lapha, futhi i-India isidlale kanye khona, uTryon ukholelwa ekutheni lokhu kubenza ngcono kuneqembu lika-Mithali Raj.

“Sizwa sengathi inkundla yethu manje le,” esho ehleka. “Sidlale imidlalo embalwa lapha. Sisijwayele isimo, siyazi kahle inkundla, singaphezulu ngalokho. Sikubhekile ukusebenzisa ulwazi lwalokho futhi nokuhlasela kusasa”

Umdlalo uzovezwa kwa-SuperSport 8 kusukela ngo-11:00 SAST, kanti umdlalo uzoqala ngo-11:30 (10:30 isikhathi sakhona).

Imiphumela ikhona kwa-Cricket South Africa ezindaweni zokuxhumana, uFacebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) no-Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Live scoring will be available on Cricket South Africa’s social media platforms; Facebook (www.facebook.com/cricketsouthafrica) and Twitter (www.twitter.com/officialcsa).

Momentum Proteas ICC Women’s World Cup squad:
Dané van Niekerk (capt, Eastern Province), Chloe Tryon (vice-captain, KwaZulu-Natal), Trisha Chetty (wk, Gauteng), Moseline Daniels (Boland), Nadine de Klerk (Northerns), Mignon du Preez (Northerns), Shabnim Ismail (Gauteng), Ayabonga Khaka (Border), Marizanne Kapp (Eastern Province), Masabata Klaas (Free State), Lizelle Lee (North West), Suné Luus (Northerns), Raisibe Ntozakhe (Gauteng), Laura Wolvaardt (Western Province), Odine Kirsten (Northerns)*.

*Odine Kirsten has replaced injured Andrie Steyn.

Management
Hilton Moreeng (Head Coach), Sedibu Mohlaba (Manager), Salieg Nackerdien (Assistant Coach), Russell Clarke (Fitness Trainer), Abram Ramoadi (Video Analyst), Molebatsi Theletsane (Physiotherapist), Sipokazi Sokanyile (Media Liaison).

PointsTable07072017