uMaharaj ubaliwe kwiqembu le-ICC Champions Trophy

Keshav Maharaj has been selected for the Proteas ODI squad for the first time.

Keshav Maharaj has been selected for the Proteas ODI squad for the first time.

Umjikisi wenxele uKeshav Maharaj, usethole ukubizwa okokuqala kwi-One Day International (ODI) kwiqembu labangu-15 lamaStandard Bank Proteas le-ICC Champions Trophy elimenyezelwe ngoLwesithathu.

Iqembu lizodlala kuma-ODI amathathu ne-England, umdlalo wokuqala uzoba eHeadingley eLeeds ngoMay 24, ngaphambi komdlalo wabo wokuqala kwi-ICC Champions Trophy bedlala ne-Sri Lanka eOval ngo-June 3.

Lomdlali oneminyaka engu-26 ube ne-season enhle yokuqala kwiqembu lamaTest, futhi ufika eqenjini ukunezezela kubadlali abaphosa nge-spin kanye no-Imran Tahir.

uMorne Morkel uzobuyela kwikhilikithi yama-overs amancane emuva kokuphuthelwa cishe izinyanga ezingu-10, okuletha isipiliyoni kubadlali abaphosa nge-pace, kanye noKagiso Rabada, uWayne Parnell, uChris Morris, uDwaine Pretorius noAndile Phehlukwayo.

iConvener of selectors yeCricket South Africa (CSA), uLinda Zondi, uthi abakhethayo bakhethe iqembu elinamandla elizomboza zonke izinhlanganisela kanye nezimo ezikhona ngomcimbi wesishagalombili onamaqembu ayisishagalombili.

“Besisebenza naleliqembu labadlali kuma-season amabili adlulile lapho esigxile khona ekungaguquguquki ekukhetheni,” kuphawula uZondi. “Lokho kuvele ekutheni leliqembu lidlale kanjani esikhathini esidlulile, okubonakale ngokuthi baphumelele kuma-ODI series amathathu elandelana.”

“Sizwa ukuthi sineqembu elimboza noma isiphi isimo esingabhekana naso ohambeni lwethu. Okubaluleke kakhulu, bonke abadlali bayazi futhi bayaqonda ukuthi indima yabo iyiphi futhi nokubaluleka kwabo eqenjini.”

“uKeshav ube ne-season yakhe yokuqala emangalisayo kwiqembu lamaTest futhi ukufakwa kwakhe eqenjini kusinika i-spinner esinamakhono ahlukile futhi nokushaya okujulile. Sibonile ukuthi kubalulekile ukushaya ngasekugcineni kwikhilikithi yama-ODI, lokhu kuzoletha ukumboza uma sikudinga.”

Iqembu lizoya e-England ngoMay 16 futhi bazoqala amalungiselelo ngemidlalo emibili yama-over angu-50 bedlala neSussex neNorthants.

Standard Bank Proteas ODI squad for three-match ODI series against England and ICC Champions Trophy: Hashim Amla (BuildNat Cape Cobras), Quiton de Kock - wk (Multiply Titans), Faf du Plessis (Multiply Titans), AB de Villiers – captain (Multiply Titans), JP Duminy (BuildNat Cape Cobras), David Miller (VKB Knights), Chris Morris (Multiply Titans), Wayne Parnell (BuildNat Cape Cobras), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Kagiso Rabada (bizhub Highveld Lions), Imran Tahir (Hollywoodbets Dolphins), Dwaine Pretorius (bizhub Highveld Lions), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Farhaan Behardien (Multiply Titans), Morne Morkel (Multiply Titans).

South Africa ODI Tour to UK itinerary

Fri 19 May 1-day Tour match v Sussex (D/N) 1st Central County Ground, Hove
Sun 21 May 1-day Tour match v Northants Northampton
Wed 24 May 1st Royal London ODI (D/N) Headingley, Leeds
Sat 27 May 2nd Royal London ODI Ageas Bowl, Southampton
Mon 29 May 3rd Royal London ODI Lord’s, London

Thu 1 – Mon 19 June ICC Champions Trophy
Sat 3 June Sri Lanka v South Africa The Oval, London
Wed 7 June Pakistan v South Africa Edgbaston, Birmingham
Sun 11 June India v South Africa The Oval, London