iCSA ihalalisela amaProteas ngokuphumelela eNZ

Haroon Lorgat (CSA CEO)

Haroon Lorgat (CSA CEO)

iCricket South Africa (CSA) ihalalisele amaStandard Bank Proteas ngokunqoba kwi-tour yase-New Zealand njengoba banqoba umdlalo weT20 owodwa kwalandela ukunqoba ngo-3-2 kwi-series ye-ODI futhi banqoba ngo-1-0 kwimidlalo yamaTest.

“Nokho usuku lokugcina beluhlushwa imvula luqede ukunqoba kwethu iTest series, kumele amaProteas adunyiswe ngokuphelele futhi ahalaliselwe ngokuthola omunye umklomelo behambile kanye nehlobo lemidlalo encomekayo,” kuphawula iCSA Chief Executive, uHaroon Lorgat.

“Akulula ukuhlula amaBlack Caps ekhaya. Kumele ubheke emuva ukuthi badlale kahle kanjani kwi-2015 ICC World Cup njengoba bafika kwi-final. Ithina sodwa iqembu elibahlulile kwi-series kunoma iyiphi i-format ekhaya kule-season.”

“Kumele sihalalisele umqeqeshi uRussell Domingo, okapteni bethu ababili, uFaf du Plessis noAB de Villiers, kanye nabo bonke abadlali nabaphathi ngokuthola leli rekhodi bedlala ne-New Zealand kanye namanye ama-series ngaphambilini kwihlobo. Uma ubheka ukunqoba i-ODI series ekhaya kudlalwa ne-Australia, iTest series khona e-Australia kudlalwa ne-Australia kanye nokunqoba ekhaya kudlalwa ne-Sri Lanka, iqembu lethu belidlala kahle isikhathi eside manje. Ukusuka ku-No.7 baye ku-No.2 kuma-ICC Test rankings kuyamangalisa.”

“Silifisela okuhle iqembu njengoba bebheke phambili e-England lapho bazobe bebheke ukubuya nendondo ye-Basil d’Oliveira kwi-series yeTest kanye nokuqhudelana kwi-ICC Champions Trophy.”

“Singalibheka ikusasa ngokuzimisela kanye nokulindela okuhle,” esho evala uMr. Lorgat.