Ikhulu likaWilliamson libeka amaBlack Caps ngaphambili

New Zealand captain Kane Williamson is congratulated by Jeet Raval of New Zealand

New Zealand captain Kane Williamson is congratulated by Jeet Raval of New Zealand

AmaStandard Bank Proteas ahlangane nosuku olunzima kuhambo lwabo eNew Zealand emuva kwekhulu lika-Kane Williamson engaphumanga ngosuku lwesithathu lomdlalo weTest yesithathu futhi yokugcina ukuhambisa iqembu lasekhaya ku-321/4 eSeddon Park eHamilton ngoMsombuluko.

Ukapteni wamaBlack Caps uhlanganise ama-runs angu-148 (216 balls, 14 fours, 3 sixes) futhi wacishe washaya usuku lonke edlala no-Jeet Raval, oshaye i-career-best engu-88 (254 balls, 10 fours), okuhambise iqembu lasekhaya ngabhambili ngama-runs angu-7.

Labadlali bahlangane nge-over yesikhombisa ekuseni, ehlehlisiwe ngehora ngenxa yokuthi i-outfield ibimanzi ngoba kunethile ebusuku.

Lokhu kulandele ngesikhathi uMorne Morkel ebe umdlali weSouth Africa wesithupha othathe ama-wicket angu-250 ngesikhathi ekhipha uTom Latham eno-50 (103 balls, 10 fours) nge-catch encomekayo yesandla esisodwa kaQuinton de Kock.

Labadlali ababili babendawonye kwaze kwasala ama-overs angu-14 ngasekugcineni sebehlanganise ama-runs angu-190 nge-wicket yesithupha - i-wicket stand yesibili enkulu kanye neyesithathu enkulu bedlala ne-South Africa.

Kodwa, ngesikhathi iphela i-partnership yabo kusasele ihora elilodwa osukwini, izivakashi zithole ama-wickets amathathu kuqiniseka ukuthi zisakhona emdlalweni njengoba beya kusuku lwesine.

Obekuphakathi kwabo beku ukapteni we-New Zealand, uWilliamson, obe umdlali osheshile ezweni lakhe ukufinyelela kuma-runs angu-5 000 futhi ulingene ngamakhulu njengoba ehlanganise ikhulu le-17, noMartin Crowe.

Kodwa kuvuleke isikhala njengoba umdlali ophose kahle uMorkel (2/74) ekhiphe uRaval ngasekupheleni kosuku njengoba ekuqaleni elandela ezicathulweni zika-Shaun Pollock (421), uDale Steyn (417), uMakhaya Ntini (390), uAllan Donald (330) noJacques Kallis (291) ukudlula kuma-wicket angu-250.

uKagiso Rabada (2/83) ulandele lokho ngokukhipha abadlali ababili ngesikhathi ekhipha uNeil Broom (12) noHenry Nicholls (0) belandelana.

uVernon Philander ebethi ukhiphe uMitchell Santner, kodwa bekuyi-no ball. Iqembu elivakashile lizozimisele uma sekuqhubeka umdlalo.