uDe Kock uqhube umsila wamaProteas

Quinton de Kock celebrates a half-century.

Quinton de Kock celebrates a half-century.

Kusale kancane ukuthi uQuinton de Kock athole elinye ikhulu njengoba amaStandard Bank Proteas athokozele okungcono kosuku lwesibili obelunemvula bedlala ne-New Zealand eSeddon Park eHamilton ngeSonto.

I-wicketkeeper yeSouth Africa, ifike kumdlalo ilengelwa ukulimala, uhlanganise u-90 (118 balls, 11 fours, 2 sixes) – u-50 wakhe wesi-9 – ukuqhuba omunye umsila njengoba izivakashi ziphume zonke ngo-314.

Kuphinde kwaba no-53 (108 balls, 9 fours) ophuma kukapteni uFaf du Plessis kanye noKagiso Rabada ohlanganise i-career-best engu-34, ngaphambi kokuthi iqembu lasekhaya lisindile kuma-overs angu-25.3 ukuqeda ngo-67/0 – besemuva ngama-runs angu-247.

Ngathi kulahleke amahora amabili kolunye usuku obeluphazanyiswe imvula, kodwa i-session yasekuseni ibigcwele futhi inwetshiwe lapho womabili amaqembu asebenze kahle.

uDu Plessis noBavuma baqhube i-fifth-wicket partnership ku-51, ngaphambi kokuthi uBavuma akhishwe uMatt Henry ngo-29. Kodwa umsila uveze ukubaluleka kumaProteas uDe Kock ehlanganisa ama-runs amaningi kulawa angu-166 atholiwe kuma-wicket amahlanu akade esele – phakathi kwemvula yantambama. Uhlanganise ama-runs angu-42 noDu Plessis, okhishwe ngokunqakwa okumangalisayo okuthathwe uTom Latham kade kuphosa uMitchell Santner kwi-short leg emuva kokuthola u-50 wakhe we-12.

uPhilander (11) ube umdlali weSouth Africa wesithupha ukufika kuma-runs angu-1 000 kanye nama-wicket angu-100 ngesikhathi enezezela ngo-29 noDe Kock futhi u-wicketkeeper ovakashile uhlanganise u-30 noKeshav Maharaj (9), okulandelwe u-46 eno-Rabada.

I-partnership ye-wicket yokugcina ibingama-runs angu-19 ngaphambi kokuthi konke kuphele kuma-overs angu-89.2.

uHenry uyena ophose kahle njengoba ethole u-4/93, kanti uNeil Wagner uthole u-3/104.

Abaphosela amaProteas baphose kahle futhi uLatham (40) usindile kuPhilander nge-review wabakhona kuphela usuku eshaya noJeet Raval (25).