Siningi isikhathi kumdlalo - uAmla

Standard Bank Proteas batsmen Hashim Amla and captain Faf du Plessis

Standard Bank Proteas batsmen Hashim Amla and captain Faf du Plessis

Oshayela amaStandard Bank Proteas, uHashim Amla, uthi siningi isikhathi emdlalweni ukuze kutholakale umphumela, nokho usuku lokuqala luhlushwe imvula kumdlalo wesithathu weTest kudlalwa ne-New Zealand eSeddon Park eHamilton ngoMgqibelo. uAmla uthole ama-runs amaningi ngokuthola ama-runs angu-50 awesi-32, ngaphambi kokuthi imvula iqede umdlalo ongumqhudelwano phakathi kwebhola ne-bat, umphumela uku-123/4 emuva kwesidlo sasemini.

Beku u-50 ka-Amla wokuqala kwi-tour kuwona wonke ama-format, i-innings ebinesimilo obunama-boundaries angu-9. Uncome abaphosela i-New Zealand, abasebenzise isimo ukuze sihambelane namakhono abo kwisimo esinzima sokushaya.

"Kushintshe kwaba usuku lokuqala olulungile," uAmla ekhuluma ngokukhungatheka kosuku. "I-wicket ibinomfuthwana, futhi emuva kwesidlo sasemini, ibhola liqale ukuthola i-swing eningi. Siyabonga ukuthi sikwazile ukuthola ama-runs, kodwa sisakude nokuthola umphumela omuhle kule-wicket."

"Bekumnandi ukuthola ama-runs, ngizizwe kamnandi," kusho uAmla. "Bekunzima ukuthola ama-runs lapha, bekuguqubele, besithemba ukuthi lizophenya futhi ntambama amafu abuye. Bekunzima, kuzomele abadlali balwe ukuze bathole ama-runs kusasa."

uAmla uthi isimo somqondo kanye nezinhlelo zizofana ngaphandle kokuthi isimo sezulu sinjani, kuzomele kuhlangane umphumela omkhulu we-innings yokuqala ngethemba lokuthi ama-seamers azoba nenhlanhla kwisimo esivumayo.

"Siningi isikhathi esisakhona kumdlalo," esho echaza. "Mhlawumbe silahlekelwe ama-overs angu-50 kodwa uyawathola kulezinsuku ezine ngohafu wehora njalo ekuseni. Izinhlelo azishintshi; ufuna ukuthola ama-runs amaningi kwi-innings yokuqala futhi ahlele kusukela lapho. Yinde indlela uma sikhuluma ngokushaya, sifuna ukuzama futhi sithole umphumela omuhle ukuhlela umdlalo."

uFaf du Plessis (33) noTemba Bavuma (13) bazoqhubeka ne-innings beku-123/4 ngeSonto. Umdlalo uzoqala ngo10h30 eNew Zealand (23h30 SAST), ama-overs asele azohlangana ngokuhamba kosuku.