Ama-wicket asekugcineni ashiya womabili amazwe egculisekile

Standard bank Proteas bowler Keshav Maharaj

Standard bank Proteas bowler Keshav Maharaj

iNew Zealand ihlasele kabili kuma-overs amathathu okugcina ukumosha obekuzoba usuku oluhle lokuqala lweTest yesibili kumaStandard Bank Proteas eBasin Reserve eWellington ngoLwesine.

Esikhundleni, womabili amaqembu aqede usuku ethole umklomelo nokho iqembu laseSouth Africa liqede liku-24/2 lijaha u-268 bephume bonke abeqembu lasekhaya.

Iqhawe leTest yokuqala, uDean Elgar (9) noStephen Cook (3) amadoda aphumile ngasekugcineni kosuku lokuqala, behliphiza umsebenzi wabaphosayo emuva kokuthi bacindezele iqembu lasekhaya. Lokhu kwenzeke nokho uHenry Nicholls ethole ikhulu lakhe lokuqala kumaTest, abadlule ekuqaleni kabi umdlalo, ukuze afinyelele ku-118 (161 balls, 15 fours).

uJP Duminy ube inkanyezi yezivakashi ngebhola njengoba ethole ama-career-best figures ka-4/47 emuva kokuthi amaProteas anqobe i-toss futhi akhetha ukuphosa kuqala.

Besebekhiphe amaBlack Caps amathathu ngehora lokuqala futhi baba bahlanu emuva kwesidlo sasemini ngama-runs angu-101, ama-wicket amabili athathwe uKagiso Rabada (2/59) noKeshav Maharaj (2/47).

uNicholls noBJ Watling (34) bahlanganise ama-runs angu-116 nge-wicket yesithupha ukubatakula, ngaphambi kokuthi uDuminy aqede ngomsila ngama-best figures akhe kusukela kulawa awathola angu-4/73 kudlalwa ne-Australia eCape Town ngo-2014.

uNicholls ukhishwe uDuminy emuva kokuthi naye athole i-career-best yakhe, ngaphambi kokuthi uTim Southee waqhubeza umphumela ngokusheshe ahlanganise ama-runs angu-27.

uMorne Morkel naye uthole u-2/82.

iSouth Africa ibukeke imikahle ukuqeda usuku ingaphezulu, ngaphambi kokuthi uSouthee (1/18) noColin de Grandhomme (1/2) bahlasele ekugcineni, okushiye i-nightwatchman uRabada (8) noHashim Amla, okusamele athole ama-runs, ukuqeda nama-deliveries akade esele.