Imvula ithatha usuku lokugcina eDunedin

DUNEDIN, NEW ZEALAND - MARCH 12:  Rain settles in ahead of day five of the First Test match between New Zealand and South Africa at University Oval on March 12, 2017 in Dunedin, New Zealand.  (Photo by Dianne Manson/Getty Images)

AmaStandard Bank Proteas ne-New Zealand baphoqeleke ukuqeda ngokulingana kwi-Test yokuqala kwi-series yemidlalo emithathu emuva kosuku lokugcina bedlala eUniversity Oval eDunedin iqedwe imvula ngeSonto.

Njengoba umdlalo bekungathi ubuzophela ngendlela encomekayo lapho izindlela ezintathu zomphumela zingaba khona, kugcine imvula njengoba umkhemezelo ugcine usuyimvula eqiniselayo, efike yahamba usuku lonke.

Bekungabonakali ukuthi lizophenya izulu, o-umpire, uKumar Dharmasena noBruce Oxenford bavele bawuqeda umdlalo, okulandelwe ukuthi abadlali baxhawulane emuva kwesidlo sasemini futhi uDean Elgar wabizwa ngeMan of the Match ngokuthola ama-runs angu-140 nama-runs angu-89 kwi-innings yokuqala neyesibili.

iSouth Africa ibiku-224/6 kwi-innings yabo yesibili – bengaphambili ngo-191 – bebheke kusuku lokugcina.

iTest yesibili izodlalelwa eBasin Reserve eWellington ezoqala ngoLwesine.