iMaiden five-wicket haul kaMaharaj igcina amaProteas kumqhudelwano

Keshav Maharaj celebrates a wicket.

Keshav Maharaj celebrates a wicket.

iLeft-arm spinner uKeshav Maharaj uthole i-maiden five-wicket haul ukugcina amaStandard Bank Proteas esondelene ne-New Zealand ngosuku lwesithathu lweTest yokuqala eDunedin.

Njengoba iqembu lasekhaya belithusa ngokuthi lingahamba phambili, okwenziwe ikhulu lika Kane Williamson, uMaharaj uthole ama-wicket amathathu okugcina, ukuze aqede eno-5/94 futhi kugcine iNew Zealand iku-341.

Bebheke ama-runs angu-33, amaProteas alahlekelwe uStephen Cook ngebhola lesine kwi-innings yabo yesibili ngesikhathi ekhishwa ngokunqakwa emuva kokuthi kuphose uTrent Boult, wangayenza i-review. Ama-replays athi i-bat yakhe iyishaye kancane i-pad, hayi ibhola.

uDean Elgar (12) noHashim Amla (23) badlulile ekuphumeni kuka-Cook, kanye nokuphazamiseka okuthathe imizuzu engu-20 ngesikhathi i-fire alarm ikhala kumele kuphume abantu, ukuze babeke iSouth Africa ku-38/1 ekupheleni komdlalo.

Nokho bobabili labadlali baqale ngokudlala ngokuqaphela, uAmla ebeseqala ukuthola umdlalo omuhle ngesikhathi ukukhanya kumisa umdlalo, amaProteas engaphambili ngama-runs amahlanu.

Usuku luphele umdlalo ulingene njengoba iNew Zealand iqhubeke ku-177/3, uWilliamson eku-78.

iNightwatchman, uJeetan Patel ukhishwe uVernon Philander kwi-over yesithathu yosuku, kwathi uJames Neesham washeshe walandela, waba i-wicket yokuqala yeTest kaMorne Morkel kucishe kuyele ezinyangeni ezingu-14.

Kodwa uWilliamson noBJ Watling basongele ukuwususa umdlalo ezandleni zeSouth Africa njengoba behlanganise ama-runs angu-84 nge-wicket yesikhombisa, okubeke iNew Zealand ku-277/5, ngaphambi kokuthi uKagiso Rabada athole i-wicket ebalulekile.

uRabada kade ehlushwa isisu kulezinsuku ezidlulile, kodwa usebenze kanzima ukuthi athole i-delivery esheshayo ngebhola elisha lesibili elithole i-extra bounce, okududule ukapteni weNew Zealand ukuthi anqakwe ngemuva eku-130.

uMorkel usekele lokhu ngokukhipha uMitchell Santner ngaphambi kokuthi uMaharaj ahlasele nge-arm-ball ehlule uWatling ukuze amukhiphe ngo-50.

Nokho uNeil Wagner ebeke iNew Zealand ngaphambili ngo-32, uMaharaj uthole ama-wicket amabili okugcina eNew Zealand ukunciphisa umonakalo futhi wathola i-five-wicket haul yakhe yokuqala kwiTest yakhe yesihlanu nje kuphela.

Njengoba i-pitch isicikeleke phansi futhi ama-deliveries amaningi aphuma kuma-seamers adlula kwindawo eyomile, kuzomele uMaharaj adlale indima enkulu kwi-innings yesine – uma isimo sezulu sivuma.

Nokho isimo sezulu sangoMgqibelo sithi kuzobe kugcwele amafu, kodwa ayikho imvula, ngathi usuku oluphelele ngeSonto luzobe lungekho.