No.1 ranked Tahir hoping to make an impact

Standard Bank Proteas bowler Imran Tahir

Standard Bank Proteas bowler Imran Tahir

iStandard Bank Proteas leg-spinner, uImran Tahir, ufisa sengathi ukukhuphuka kwakhe kuma-ICC ODI bowling rankings kuzomkhuthaza ukuthi adlale kahle kulemidlalo emfushane bedlala ne-New Zealand, ezoqala nge-T20 eyodwa eAuckland ngoLwesihlanu. uTahir ungu-No.1 ekuphoseni ndawo zombili kumaT20 kanye nama-ODI, futhi zolo lokhu ufinyelele phezulu kumaODi kulandela indlela adlala ngayo ekunqobeni ngo-5-0 kudlalwa neSri Lanka lapho aqeda khona engowesibili onama-wicket amaningi, angu-10.

Usephenduke waba ngumpetha kumaProteas kwimidlalo emfushane, lapho okapteni, uAB de Villiers noFaf du Plessis, bekuvuma ukubaluleka akuletha kwikhilikithi emfushane. Lomdlali oneminyaka engu-37, osedlale ama-ODI angu-69 namaT20 angu-30 kumsebenzi wakhe weminyaka eyisithupha, uyaqhubeka ubangcono nokukhula kwakhe, nokuzikhandla emsebenzini.

“Bengisebenza kanzima,” esho eAuckland ngoLwesine. “Akulula ukudlala kahle kuwo wonke ama-series kodwa uma ngidlala indima eqenjini kanti ukapteni nomqeqeshi bejabulile, nami ngisuke ngijabulile.”

“Kukhethekile kimina,” ekhuluma ngama-rankings. “Ngiqala ukudlala ikhilikithi, angicabanganga ukuthi ngiyoba uNo.1 ekuphoseni. Kwenziwa ukusebenza ngokuzikhandla, ngijabulile, baningi abadlali abadlala kahle emhlabeni. Ukuba uNo.1 yinto enhle, ngiyabonga kwiqembu engilidlalelayo, inhlonipho ukudlalela iSouth Africa futhi izintsizwa zingisizile eminyakeni futhi kungenze ngaba umphosi enguyena namhlanje. Ngithemba ukuthi ngingaqhubeka ngidlale kahle phezulu.”

AmaProteas ebephoqelekile ukuthi aziqeqeshe endlini ngoLwesine ngoba isimo sezulu besisibi ngaphambi komdlalo wabo e-Eden Park ngoLwesihlanu, kodwa bayazi ukuthi kumele babhekane nezinto abakwazoyo ukuzilawula, ngaphandle kokuphazamiseka uma benza amalungiselelo.

“Siqeqeshe ngokuphelele izolo,” kusho uTahir. “Kade sidlala i-series, okusho ukuthi abadlali basesimweni. Angiboni ukuthi kuzosihlupha kakhulu uma singawatholi amanye ama-sessions, besidlala ikhilikithi enhle, yonke into eqenjini ihamba kahle.”