AmaProteas kufanele ajwayele iEden Park - uMorris

Chris Morris.

Chris Morris.

Abaphosela amaStandard Bank Proteas kuzomele bathole indlela enhle yokujwayela isimo senkundla yase-Eden Park kwiT20 eyodwa abazoyidlala uma bebhekana ne-New Zealand ngoLwesihlanu. Lenkundla okudlalelwa kuyona inama-boundaries afinyelela ku-44-55m, futhi izoba inkinga kubaphosayo – ngaphandle kwa-Imran Tahir – abazobe bedlala okokuqala kulenkundla.

Ophosa ngokushesha kumaProteas, uChris Morris, uthi abaphosayo kuzomele bahlele kahle ukuze babhekane kahle nenkundla kanye nesimo, njengoba isimo sezulu sithi kuzonetha ngoLwesihlanu ebusuku.

“Okokuqala ngifika eNew Zealand futhi ngithukile sengifika lapha, ukubona ama-boundaries aqondile,” esho evuma ekhuluma nezintatheli eAuckland ngoLwesithathu. “Zonke izinkundla zinokuhlukile okumele sikujwayele, okusho ukuthi sizoqeqesha namhlanje kuze kube lapha esifinyelela khona. Kuyakushintsha kancane kodwa kumele ujwayele kuzo zonke izinkundla odlala kuzona.”

uMorris ufika kwi-series egcwele ukuzithemba kulandela ama-career-best figures akhe angu-4/31 kumdlalo wesihlanu weMomentum ODI bedlala neSri Lanka ngesonto elidlulile. Ugcizelele ngesidingo sokuqala i-tour kahle njengoba singekho isikhathi kanye nomdlalo wokuziqeqesha ovinjwe izulu elinethayo ngoLwesibili.

“Kunawo umthelela omuhle,” kusho uMorris ekhuluma ngomdlalo ovinjwe imvula. “Besithanda ukudlala kodwa sesidlale ikhilikithi eningi kulamasonto adlulile, bekumnandi ukuphumula, ukuze umzimba ukwazi nokujima kanye nokuthola ukuhlikihlwa i-physio. Mina ngikubona njengesipho.”

“Kuzomele siqhubeke ngenjwayelo,” esho egcizelela. “Sonke sikwamukelile ukuthi kuzoba ne-turnaround esheshayo, besazi ukuthi ngeke siphumule njengenjwayelo. Asiloke sibeka izizathu; besazi ukuthi sizokhathazwa indiza, sisheshe sadlula lapho kodwa uma uqala nje umdlalo, sizobe sikhona.”

Egcina ukudlala kule nkundla amaProteas ahlulwa ngama-wickets amane bedlala nayo iNew Zealand kwi-ICC Cricket World Cup semi-final ngo-2015, kodwa bakwazi ukunqoba iT20 yokugcina abayidlala ngo-2012. Umdlalo kumele uqale ngo-19h00 isikhathi sasekhaya.