iCSA ihalalisela amaProteas ngokufika phezulu kowe-ICC

I-Cricket South Africa (CSA) ihalalisele amaStandard Bank Proteas ngokunqoba ama-series emidlalo emihlanu ilandelana ngokuyinqoba yonke, baphinde bathola ukuba uNo. 1 kuma-ICC ODI.

“Lona unyaka ongafani emlandweni wekhilikithi yethu yama-ODI,” kuphawula iCSA Chief Executive, uHaroon Lorgat. “Kucishe kube yilona usuku (9 February, 2016) lapho iqembu elaqala khona ukunqoba ngalendlela, okubabone benqoba ama-ODI angu-14 elandelana ekhaya. Lokhu kuveza ubucwepheshe ababulethile emdlalweni wabo okuhambisana nabadlali kanye neqembu.”

“Ukunqoba yonke imidlalo yinto engajwayelekile futhi ukukwenza kabili kulandelana kudlalwa neAustralia neSri Lanka, abake baba ompetha beWorld Cup, impumelelo enhle.”

“Kutshengisa kahle njengoba silindelwe ama-tour eNew Zealand nase-England, kanye ne-ICC Champions Trophy.”

“Siyamuhalalisela ukapteni uAB de Villiers kanye nokapteni obambayo uFaf du Plessis, umqeqeshi uRussell Domingo nabo bonke abadlali nabaphathi. UDu Plessis ukwaze ukuba umdlali wamaProteas wesibili emuva kwaHashim Amla ukuthola ama-run angu-400 kwi-series yemidlalo emihlanu futhi kumele ahalaliselwe lokho.”

“Sifisela amaProteas indlela enhle njengoba kusasa beya eNew Zealand,” esho evala uMr. uLorgat.