uPaterson ubaliwe kwiqembu lamaProteas ezovala isikhala sikaPretorius

Dane Paterson

Dane Paterson

ICricket South Africa (CSA) izoqhubeka neqembu lalo labadlali abangu-14 kumaStandard Bank Proteas abanqobe iMomentum ODI Series bedlala neSri Lanka kwimidlalo yosuku ezayo njengoba bezodlala ne-New Zealand okubalwa khona iT20 International eyodwa kanye nama-One-Day International amahlanu.

Kodwa sebefake uDane Paterson eqenjini ukuvala isikhala sikaDwaine Pretorius kumdlalo weT20 kanye ne-ODI yokuqala. uPretorius uzophuthelwa ilemidlalo emibili ukuze abe ekhaya njengoba umkakhe elindele ingane yabo yokuqala.

uPaterson waqala ukudlalela amaStandard Bank Proteas ngeKFC T20 International Series kudlalwa neSri Lanka kodwa kusamele athole i-cap yemidlalo yosuku.

“UDane uzohamba neqembu uma behamba ngoMgqibelo futhi uzobuyela eSouth Africa uma sekufike uDwaine eqenjini,” kuphawula iCSA selection chief, uLinda Zondi. “Njengabakhethi, siyajabula ngendlela iqembu elihlangane ngayo kulezinyanga ezinyisithupha ezidlulile futhi nokuqhubeka ngendlela efanayo ekukhetheni kubalulekile njengoba siqhubeka namalungiselelo eICC Champions Trophy.”

“INew Zealand idlala ikhilikithi enhle okwamanje futhi njengenjwayelo bazokwenza kube nzima ukudlala nabo, ikakhulukazi ekhaya labo.”

UMr. Zondi uthe uLungi Ngidi akakalulami ekulimaleni kwakhe kodwa uDavid Miller useluleme futhi angakwazi ukuhamba.

Standard Bank Proteas ODI squad: uAB de Villiers (Multiply Titans, ODI capt), uFaf du Plessis (Multiply Titans, T20 capt), uHashim Amla (BuildNat Cape Cobras), uFarhaan Behardien (Multiply Titans), uQuinton de Kock (Multiply Titans), uJP Duminy (BuildNat Cape Cobras), uImran Tahir (Hollywoodbets Dolphins), uDavid Miller (VKB Knights), uChris Morris (Multiply Titans), uWayne Parnell (BuildNat Cape Cobras), uDane Paterson (BuildNat Cape Cobras), uAndile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), uDwaine Pretorius (bizhub Highveld Lions), uKagiso Rabada (bizhub Highveld Lions), noTabraiz Shamsi (Multiply Titans).