uDu Plessis uhola ngamazwi okubonga kwemidlalo engu-100 ka-Amla

Standard Bank Proteas players Faf du Plessis and Hashim Amla

Standard Bank Proteas players Faf du Plessis and Hashim Amla

Ukapteni wamaStandard Bank Proteas, uFaf du Plessis, uhole ngamazwi okubongela umdlali wamaProteas, uHashim Amla, ngaphambi komdlalo wakhe wekhulu wamaTest edlalela iSouth Africa kumdlalo wesithathu weSunfoil Test kudlalwa neSri Lanka, ozoqala eBidvest Wanderers Stadium ngoLwesine. uAmla uzoba umdlali wesishaganambili ukufinyelela lapha emuva kukaGary Kirsten, uShaun Pollock, uJacques Kallis, uMark Boucher, uMakhaya Ntini, uGraeme Smith noAB de Villiers.

Kumsebenzi wakhe ofinyelele kwiminyaka engu-12, wathola i-career-best yakhe engama-runs angu-311 kudlalwa ne-England eThe Oval ngo-2012, irekhodi elisamile eSouth Africa njenge-highest individual Test score, okuhambelana ne-double-hundred (253*) kudlalwa ne-India eNagpur ngo-2010. Ukungaguquguquki kanye nokugxila kwakhe kube ingxenye kumsebenzi kwi-career average engu-49.45, ekhushulwe amakhulu angu-25 kuma-runs angu-7 665.

uDu Plessis uthi indima edlalwa uAmla uma kudlalwa noma kungadlalwa, ayichazeki kwi-change room, futhi wahalalisela lomdlali oneminyaka engu-33, ngomthelela anawo kwikhilikithi yaseSouth Africa.

“Umphumela omangalisayo,” kusho uDu Plessis ngaphambi komdlalo ngoLwesithathu. “Imidlalo eyikhulu kumaTest mihle kakhulu, yinto engeke ngisondele kuyona. Njengeqembu, siyaziqhenya ngaye, usuku olukhulu kuyena. Njengokuba uHashim, akayifuni into enkulu, enye iTest nje kuyena. Kuzoba mnandi ukumbona eba nosuku oluhle futhi athole nama-runs, sisemuva kwakhe ngo-100%, ungumdlali omkhulu kithina.”

“Uyidwala ekushayeni kwethu,” esho eqhubeka. “Ungumdlali ongashintshashintshi, kanye noJacques Kallis, iSouth Africa eseke yaba nabo. Phezu kwekhanda lami, ngicabanga ukuthi kumsebenzi wakhe, waba nezikhathi ezimbili ezimbi, ngathi nami ngingadlula kokubi noma inini, kodwa akwenzeki kuHashim.”

“Nokho engatholi ama-runs amaningi okwamanje, kuningi akuletha ngaphandle komdlalo. Asekwenzele kumdlalo wami, noma ethola ama-runs noma engawatholi, usafana. Lokhu kuletha ukukhululeka kwi-dressing room, noma engawatholi ama-runs, uletha ukubaluleka. Ungifundise ukuthi ngibheke ukuphumelela nokuhluleka ngendlela efanayo.”

AmaProteas azolijabulela ithuba lokudlala umdlalo ozokhumbuleka, kodwa okuphambili kakhulu, ukucindezela izivakashi ezizabalazayo. uDu Plessis uthi kuzobaluleka ukuthi bangavumeli ukungagculiseki kubangene emuva kwezinsuku eziphazamisayo.

“Ukugxila kudlulela ekutheni udlala ikhilikithi eningi emazweni futhi kunezikhathi eziningi ezinzima,” kusho uDu Plessis. “Awuzitholi emathubeni afana nalawa njalo, kimina ngigxila kulokhu. Sifuna ukuqiniseka ukuthi siyalicindezela iqembu esiphezukwalo okwamanje. I-series yonke besidlala kahle nabo, kimina ithuba lokuthi sinqobe i-series ngo-3-0.”