uBehardien uzohola amaProteas kwiT20 series

Farhaan Behardien to captain the T20 side.

Farhaan Behardien to captain the T20 side.

uFarhaan Behardien uqokwe njengokapteni ozohola iqembu lamaStandard Bank Proteas kwimidlalo yokuqala embili kwi-KFC T20 International Series kudlalwa neSri Lanka.

Namhlanje iCricket South Africa (CSA) imemezele iqembu elinabadlali abangu-13, okubalwa khona abadlali abayisithupha abasha kule-format - uJon-Jon Smuts, uTheunis de Bruyn, uMangaliso Mosehle, uAndile Phehlukwayo, uDane Paterson noLungi Ngidi.

"Sibone ukuthi siphumuze abadlali bethu ababalulekile kule-series," kuphawula iCSA Selection Convener, uLinda Zondi. "Ithuba lethu lokugcina lokwenza lokhu ngoba kulandela iMomentum ODI series, ebalulekile njengengxenye ekusondeleni kwe-ICC Champions Trophy Tournament e-England phakathi nonyaka."

"Labo badlali abadala badlala kwi-Indian Premier League, ezobe idlalwa uwaya waya kusukela manje kuze kuphele uAugust, kube sekuza ama-tours eNew Zealand nase-England, ngaphezu kwalomcimbi we-ICC."

"uFarhaan ebengoyedwa wabadlali abagqhama kwi-franchise T20 Challenge, walandela uJon-Jon Smuts ngokuthola ama-runs amaningi kanye ne-strike rate enhle kunawo wonke."

"uDavid Wiese vele wayekhethiwe kodwa usitshele ukuthi ufisa ukuthatha i-Kolpak contract ngakho ke, usekhishiwe eqenjini."

"uAB de Villiers noMorne Morkel bazodlala kwimidlalo ye-domestic ekupheleni kwalenyanga futhi bangadlala kwiT20 yesithathu," esho eqhubeka uZondi.

Standard Bank Proteas squad: Farhaan Behardien (Multiply Titans, capt), Theunis de Bruyn (VKB Knights), Reeza Hendricks (bizhub Highveld Lions), Imran Tahir (Hollywoodbets Dolphins), Heino Kuhn (Multiply Titans), David Miller (VKB Knights), Mangaliso Mosehle (bizhub Highveld Lions), Lungi Ngidi (Multiply Titans), Wayne Parnell (BuildNat Cape Cobras), Dane Paterson (BuildNat Cape Cobras), Aaron Phangiso (bizhub Highveld Lions), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Jon-Jon Smuts (Warriors).

KFC T20 International Schedule:

Friday, 20 January 2017: 1st KFC International, SuperSport Park, 18h00
Sunday, 22 January 2017: 2nd KFC International, Bidvest Wanderers, 14h30
Wednesday, 25 January 2017: 3rd KFC International, PPC Newlands, 18h00