uPhilander noRabada bavula indlela kusekusha

CAPE TOWN, SOUTH AFRICA - JANUARY 04: Kagiso Rabada of South Africa during day 3 of the 2nd test between South Africa and Sri Lanka at PPC Newlands on January 04, 2107 in Cape Town, South Africa. (Photo by Petri OeschgerGallo Images)

CAPE TOWN, SOUTH AFRICA - JANUARY 04: Kagiso Rabada of South Africa during day 3 of the 2nd test between South Africa and Sri Lanka at PPC Newlands on January 04, 2107 in Cape Town, South Africa. (Photo by Petri OeschgerGallo Images)

uVernon Philander noKagiso Rabada baqhubekile nomsebenzi wabo abawuqalile kwi-innings yeSri Lanka yokuqala njengoba amaStandard Bank Proteas esondela ekunqobeni i-series ekupheleni kosuku lwesithathu kumdlalo we-Sunfoil Test ePPC Newlands ngoLwesithathu.

Bobabili babelane ama-wickets ayisishaganambili kwi-innings yokuqala futhi umuntu nomuntu wathola ama-wickets amabili kwi-innings yesibili njengoba izivakashi zitabalase zafika ku-130/4 ekuvalweni kosuku kusadlala abashayi abadala, uAngelo Mathews noDinesh Chandimal besebenza ngokuzikhandla ukubamba umdlalo.

uFaf du Plessis ebebabekele umphumela ongakholeki ka-507, okucishe kube ama-runs ayikhulu ukudlula i-highest successful fourth innings runs chase ever futhi kwenziwa ngcono futhi kanye njengomphumela we-innings wesine.

Kwaku u-654/5 owabekwa i-England kwi-Test edumile eyaphela ngokulingana eSahara Stadium Kingsmead ngo-1939. Isimo sasihlukile ngaleso sikhathi ngoba umdlalo waqhubeka izinsuku ezingu-10 sekuphelele.

Kodwa iSri Lanka ibe nosuku olungcono kwi-series ngoba bawavimbile amaProteas kwi-innings yesibili. Bathathe u-4/101 kwi-session yasekuseni futhi phakathi kwesidlo sasemini netiye, bathathe u-3/88 ngaphambi kwe-declaration kaDu Plessis. Baphinde bazinikela ngesikhathi beshaya kwi-innings yesibili, abaphosayo kwamele basebenze kanzima ukuze bathole umphumela.

uDean Elgar ulandele ikhulu lakhe le-innings yokuqala ngama-runs aphezulu angu-55 (91 balls, 7 fours) waphinde wahlanganisa enye ipartnership ye-half-century noStephen Cook. Obekuphoxa kumaProteas ukuthi abashayayo akade bedinga ama-runs – uHashim Amla, uJP Duminy noTemba Bavuma – abadlalanga kahle, kwathi uAmla noBavuma baphuma ngamadada. uAmla uthole i-delivery encomekayo ephuma kuSuranga Lakmal, kanye noDuminy, kwathi uBavuma waphuma nge-run out ebuhlungu njengoba i-bat yakhe igqomile noma ibisuweqile umugqa.

uLakmal uphinde wabathwala abaphosi beSri Lanka njengoba enzile kwi-series kuze kube imanje. Usekhiphe abantu abangu-17 kuma-innings amane, okuphindwe kabili kunabadlali bakubo.

uLahiru Kumara, iqhawe lokuphosa kwi-innings yokuqala, uhlulekile ukuthola i-length okwesibili, noma ekhiphe uQuinton de Kock, obebalulekile kwiqembu lamaProteas okwamanje.

iSri Lanka idinga ama-runs angu-377 ukuze inqobe umdlalo kodwa amaProteas adinga ama-wickets amabili ukuze afike kumsila, aqede umdlalo.