uElgar noDe Kock bahambisa usuku lokuqala ngendlela yeSouth Africa

Dean Elgar and Quinton de Kock shared a 103-run partnership for the sixth wicket.

Dean Elgar and Quinton de Kock shared a 103-run partnership for the sixth wicket.

I-career-best engama-runs angu-129 ehlanganiswe uDean Elgar inezezele kwi-innings kaQuinton de Kock ebizihambela ngokukhululeka, isize amaStandard Bank Proteas ukuthi ibambe iqhaza ekuphelene kosuku lokuqala lweSunfoil Test yesibili bedlala neSri Lanka ePPC Newlands eKapa ngoMsombuluko.

Iqembu lasekhaya liqede usuku lino-297/6, ngosuku lapho ukushaya bekungathi kunzima kunokuphosa, lapho iqembu elivakashile linqobe i-toss, lakhetha ukuphosa kuqala.

Bahlasele usuku lonke kodwa bathwale kanzima ngesikhathi bezama ukukhipha uElgar, ophume ntambama futhi lokho kwenzeke emuva kokuthi lomdlali oshaya ngesandla sesinxele ashaye ukudlula amahora ayisithupha, wabhekana namabhola angu-230 kanye no-four abangu-15.

Utshengise ukuba yitshe leSouth Africa njengoba ehlanganise ikhulu lesithupha lezwe lakhe futhi wadlula i-best yakhe edlule engu-127 ayihlanganisa edlala neAustralia ePerth ngoNovember.

Edlala noDe Kock, bobabili bahlanganise i-partnership yama-runs angu-103 nge-wicket yesithupha, ebuyise umdlalo ngakubona emuva kokuthi iqembu labo libukeke lisenkingeni lisaku-159/5 emuva kwesidlo sasemini.

uDe Kock udlule amaTest runs angu-1 000, waqeda usuku enama-runs angu-68 (90 balls, 7 fours), wagcina esephumile uElgar sekusele imizuzu ecishe ifike ku-30 ukuze kuvalwe umdlalo, ebe ebuke abadlali abahlanu abadlala phezulu bephuma phambi kwakhe.

uStephen Cook noJP Duminy baphume benamaqanda, kwathi uHashim Amla (29) nokapteni uFaf du Plessis (38) bathola ithuba lokudlala. uTemba Bavuma yena wenze u-10.

Uphunyukile uDe Kock ngesikhathi enama-runs angu-58, iSouth Africa ino-270/5.

Ebekhishwa nge-leg before wicket ngu-umpire uAleem Dar, kodwa sithole i-review isinqumo – ngethemba hayi ngokuzethemba – futhi kuhambe kahle ngoba i-ball-tracker iveze ukuthi ibhola beliya kwi-leg side.

iNightwatchman uKyle Abbott ebeno-16 oncomekayo ngokuphela kosuku, waphosa kahle uLahiru Kumara ngo-3/86.