uAbbott uhlaselile ukuze aqedele ukunqoba kwamaProteas

Standard Bank, Proteas bowler Kyle Abbott

Standard Bank, Proteas bowler Kyle Abbott

uKyle Abbott uhlasele ekuseni njengoba amaStandard Bank Proteas edinge imizuzu engu-40 ukukhipha abadlali beSri Lanka abahlanu futhi anqobe ngama-runs angu-206 kumdlalo wokuqala weSunfoil Test ophele eSt. George’s Park namhlanje.

uAbbott ukhiphe ukapteni weSri Lanka, uAngelo Mathews, kwi-over yesithathu yosuku, kwalandela uDhananjaya de Silva kuma-overs amane. Bobabili bakhishwe nge-leg before wicket ngokuphosa obekuzoshaya i-off-stump phezulu. Bebengabashayi bokugcina abengaletha ithemba kwi-Sri Lanka ngokulwa ngosuku lokugcina.

uVernon Philander unqake ngendlela emangalisayo, ngesandla esisodwa ukukhipha uRangana Herath ngaphambi kokuthi uKagiso Rabada noKeshav Maharaj baqede izinto ngokuthi umuntu nomuntu athole i-wicket.

Bekukuhle ukuthi bonke abaphosi beSouth Africa bathole ama-wickets ngoba basebenze ndawonye. Kushiye uPhilander (148 career wickets) noRabada (48) encupheni yokuthola umklomelo obalulekile njengoba bebheke kwiTest yesibili ngoMsombuluko ePPC Newlands.

Okuhle kakhulu kwiSouth Africa nge-innings yesibili, ukuphosa kwaMaharaj ofinyelele ku-3/86 kuma-overs angu-30.3 (7 maidens) futhi ebengayithola kalula i-five-wicket haul yakhe yokuqala.

uStephen Cook ube iSunfoil Man of the Match nge-aggregate yama-runs angu-176 emdlalweni okubalwa khona ikhulu lakhe lesithathu.

iSouth Africa iqede u-2016 nerekhodi lokunqoba imidlalo yamaTest emihlanu, ukulingana kabili (okwacishe kwaba i-whitewash eyodwa) ukuhlulwa kabili kanye nokuba ku-No. 4 kuma-ICC rankings.